Isikhangiso
Isikhangiso – skrolela phansi


2311 imibono yethulwe kuMgcinimafa (ivaliwe zingama-11 kuNhlolanja wezi-2024)
chofoza isixhumanisi ukuze uthole ulwazi olwengeziwe
UNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Enoch Godongwana, wethula Inkulumo Yesabelomali Sikazwelonke mhla zingama-21 kuNhlolanja wezi-2024.
Isabelomali sihlose ukulinganisa phakathi kokukhulisa umnotho kanye nokweseka labo abasengcupheni phakathi kwezinsizakusebenza ezilinganiselwe.
Kungalesi simo lapho uNgqongqoshe uGodongwana amema abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babelane ngeziphakamiso zabo mayelana neSabelomali. Ungabeka amazwana kokuthi:
-
- izimali zikamasipala
- ukusebenzisa izimali ezibalulekile kuhulumeni
- ukubhekana nokushoda okukhulu kwesabelomali
- ukuzinzisa ezezimali zeBhizinisi Likahulumeni
- ukulawula inkinga yamandla
- izimali zentela
- ukusimama kwezikweletu.
Veza izwi lakho - lungisa Isabelomali. [IVALIWE]
UNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana usenxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baveze iziphakamiso zabo mayelana neSabelomali Sikazwelonke.
UNgqongqoshe uzokwethula Inkulumo Yesabelomali Sikazwelonke ngoFebhuwari 2024.
Abantu bangase balethe imibono yabo mayelana nezimali zikamasipala, ukusetshenziswa kwezimali ezibalulekile kuhulumeni, ukubhekana nokushoda kwesabelomali esikhulu, ukuzinzisa ezezimali zezinkampani zikahulumeni, ukulawula inkinga yamandla kagesi, ukuqoqwa kwentela kanye nokusimama kwezikweletu.
Usuku lokuvala lokulethwa yi-11 February 2024.
“Isabelomali sihlose ukulinganisa phakathi kokukhulisa umnotho kanye nokweseka labo abasengcupheni ngenxa yezinsizakusebenza ezilinganiselwe. Kungalesi simo lapho uNgqongqoshe uGodongwana amema abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baveze iziphakamiso zabo mayelana neSabelomali. UNgqongqoshe uGodongwana uwabheke ngabomvu amagalelo enu,” kusho uMnyango wezeziMali ngoMsombuluko.
Izakhamizi zikhuthazwa ukuthi zigcine iminikelo imfishane futhi iqondile.


